(Sung in Zulu) Song 1 | Song 2 | Song 3 (here)
Kule minyak’ engaka ngidlal’ ukuhluphek’ emhlabeni |
(All these years I’ve been poor)
Kule minyak’ engaka ngilal’ usiz’ emhlabeni | (All these years I slept with sorrow)
Kant’ uNkulunkulu uphambi kwami |
(Yet the Lord was in front of me)
Uphambi kwami Uyangihlolel’ emadlelwen’ aluhlaza |
(He leads me to green pastures)
Kule minyak’ engaka ngidlal’ ukuhluphek’ emhlabeni |
(All these years I’ve been poor)
Kule minyak’ engaka ngilal’ usiz’ emhlabeni |
(All these years I slept with sorrow)
Kant’ uJehova uphambi kwami, Uphambi kwami |
(Yet the Lord was in front of me)
Uyanginqobela njal’ izitha zami |
(He always defeats my enemies)
Ngazula ngazula ngazula |
(I searched, and searched, and searched)
Ngamihla le ngifuna le nalena |
(Everyday, looking for this and that)
Kant’ ukhon’ ongithandayo |
(Yet there’s someone who loves me) x2
(Repeat)
Refrain:
UNkulunkulu uyangithanda |
(The Lord loves me)
Bengingazi uyangithanda nam |
(I didn’t know He loves me too)
Uyangithanda |
(He loves me)
Kant’ ubathanda bonke abantu |
(And He loves everyone) (Repeat)
Kant’ uJehova mkhulu kangaka kimi |
(How great is the Lord to me)
Uyaz’ uJehova ubonis’ ubukhulu bakhe kimi | (The Lord shows His greatness in me)
Ngiyobonga ngithini na?|
(How can I repay?)
Ngiyobonga ngithini na kuye? |
(How can I repay Him?) (Repeat)
Wangikhiph’ eGipite ezweni lobugqila |
(He took me out of Egypt the land of slavery)
Wangifak’ ekukhanyeni |
(And placed me in the light)
Kuyakhanya manje |
(The light shines now) x2 (Repeat)
Praise Poem.
Ngiza Kuwe Guqabadela kaSomnganisi Chibi elinomqwazi phezulu Ubizwa yimi uK’lashi lo,
Induna yeyinsizwa ngoba phela nalapha ayikho insizwa eshintsha amagiya ingabonisananga nami UMvelase waseBathenjini abasenga inkomo izele UQhudeni kaGuda
ongawadli amathibane angadla amathibane ngabe indlala iwile Mnisi wemvula ilanga libalele,
Ngoza kaGabadela Ngibonga Kuwe Jehovah ngokungihlanganisa nanangu Umlisa okhanya amasi esiswini ophela eduze ngobude
Awubheke phela namhlanje ubizwa yimi Somnini nanini Simakade wezulu Wena owakhipha abantwana bakwa Israel
esigodini sasegibhithi wababeka ezweni lesethembiso Umukhulu ke Jehovah wena owabuyisa umfana uLazaru eselusa
Amadada wavuka wazidlela amapholisi umfana Ngisho Kuwe Kristu Jesu dwala laphakade, wundlu likaNkulunkulu elisusa izoni zonke Wuwe wedwa umthokozisi wezinhliziyo zethu, umenzi wezimangaliso
Wena owathatha amanzi wawaphendula wawenza iwayini bahlanganisa izandla bakhuza uAmeni bonke abantu Mana njalo Nginguye uNginguye, mlilo oqothulayo, nsimbi edla ezinye Ngabe ngiyaqhubeka manje uSimakade akaqedwa
(Refrain)
No comments:
Post a Comment